News Avenue
News / Izindaba

UKHALA NGOKUHLUKUMEZEKA OLAXAZE I-ANC

UKHALA NGOKUHLUKUMEZEKA OLAXAZE I-ANC
UBoy Mamabolo ukhala ngesinqumo esinzima okuphoqeleke ukuthi asithathe.

 Abaningi bazomkhumbula njengelungu eliqavile le ANC, ebeliphinde libe yilungu lephalamende, limele lenhlangano. 

UMamabolo uthi akubanga into elula ukushiya i-ANC, ayijoyina esemusha. Elandisa intatheli yesinye seziteshi zethelevishini, uthe ubudlelwano abenabo ne-ANC besebumuhlukumeza kakhulu yingakho ethathe isinqumo sokushiya. "Ngaphambi kokujoyina lenhlangano bengiyilungu leCosas engiyijoyine ngina 13. Ngifundiswe iyona i-ANC ngaze ngathola iziqu kodwa manje sekuyiyona i-ANC ethi anginawo umatric. Besengihlukumezeke kakhulu, ukuthethiselwe into engekho," kulandisa uMamabolo.

Uke waba nengxabano enkulu nomholi we-EFF. Leyo ngxabano yaholela ekutheni uMalema aze ehlise isithunzi sika Mengameli Cyril Ramaphosa

UMamabola wadalula ukuthi uMalema ushaya unkosikazi wakhe. UMalema wavele wangenela uMengameli we ANC uRamaphosa, ethi uyena owayehlukumeza unkosikazi wakhe wokuqala. Lokhu kwaholela ekutheni uMamabolo asuswe emabhentshini aphambili e-ANC, wahlaliswa kulawa asemuva ephalamende.
Uthe uzoqala iqembu elisha lepolitiki iBorn to Win.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose