News Avenue
News / Izindaba

UHLOMUKA UVEZE IZINGQINAMBA ZOMNYANGO

UHLOMUKA UVEZE IZINGQINAMBA ZOMNYANGO
Lindokuhle Ngcobo 

UVUMA izingqinamba ezibhekene nezikole uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Sipho Hlomuka.

Lokhu kuvele ngesikhathi uHlomuka ekhuluma namuhla emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni imiphumela yase KZN ka matric 2025, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. I-KZN ihlezi phezulu ngo 90.6 kwimiphumela yokuhlolwa kuka matric 2025.

Ekhuluma uHlomuka uthe ngeke akufihli ukuthi kunezikole zase KZN ezibhekene nenkinga yokungafiki ngesikhathi kwezinsiza kufunda nokushoda kwengqalasizinda.

"Ngiyathemba ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli sizoyilungisa le nkinga. Ziningi izikole ezinenkinga yokuthola izinsiza kufunda. Siyabona ukuthi imiphumela emihle iphuma ezikoleni ezisezindaweni zasemakhaya, ezifana nesiFunda uMkhanyakude," kusho uHlomuka.

UHlomuka ukhulume kanje nje, kusasa kulindeleke ukuthi kuvulwe izikole.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose