News Avenue
News / Izindaba

UHELEN ZILLE UZIGQAJA NGOKUKHULELA EHILLBROW

UHELEN ZILLE UZIGQAJA NGOKUKHULELA EHILLBROW
SIZO BLOSE 

UHelen Zille weDA ozimisele ngokuba imeya yase Johannesburg, eGauteng uthi uzimisele ngokushintsha iGoli.

Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nesinye seziteshi zethelevishini.
Uthe iGoli liyisizinda somnotho, uma lingasebenzi lokho kusho ukuthi iNingizimu Afrika ilimele uma kuza kwezomnotho.

Uthe njengamanje iGoli ligaqa ngamadolo kulobu buholi obukhona be-ANC.
Uthe yize eseKapa kodwa yena ungowaseGauteng, ukhulele eHillbrow.

Ephawula ngoNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton Mckenzie nokusebenzisa igama lokudelela abantu abamnyama. UZille uthe, into ebuhlungu, ayikho into eyenziwayo kodwa kunomsindo omkhulu ngabafundi baseKnysna abenze okufanayo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose