News Avenue
News / Izindaba

UHAMBE KAHLE UMCIMBI WOKUKHUMBULA ISILO

UHAMBE KAHLE UMCIMBI WOKUKHUMBULA ISILO
Lindokuhle Ngcobo 

UBEYIMPUMELELO umcimbi wokukhumbula iSilo uCetshwayo kaMpande, nokuhambela izindawo zamagugu namuhla.

 Uhambo lwalo mcimbi osingethwe isiFunda iKing Cetshwayo, luqale  Esikhaleni Senkosi ePort Dunford, lapho iSilo uCetshwayo saphumela khona ngesikhathi sigibela umkhumbi, sibheke ezweni lamaNgisi siyiboshwa. Lube selidlulela eShowe, KwaGqikazi lapho uNdaba kazimudli zimbukani waphangalala khona. Lwaphetha eFort Nonqayo, lapho kube nesifundo ngempilo yeSilo uCetshwayo.

 Lo mcimbi ubuhanjelwe  Amakhosi, Abantwana baseNdlunkulu, uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, iziMeya naMafa aKwaZulu-Natal.

UKhawula uveze ukuthi iNdlunkulu akumele ilinde uhulumeni ukuba ahole isizwe.

"Kunalakho iNdlunkulu iyona okumele ihambe phambili ukweseka uhulumeni, ukuwukhombisa ukuthi zigcinwa kanjani izindawo zamagugu nokwakha intuthuko kuzo," kusho uKhawula.

Kusasa ngoLwesihlanu kulindeleke ukuthi kuyiwe edlinzeni leSilo Cetshwayo, eNkandla.

Le mcimbi yandulela uMkhosi waseSandlwana ozoba ngomhlaka 22 January 2026, eNquthu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose