News Avenue
News / Izindaba

UGWAYI KATIKI KUMAKHANSELA ANGENAZO IZIQU

UGWAYI KATIKI KUMAKHANSELA ANGENAZO IZIQU
Lindokuhle Ngcobo 

ANQUNYELWA ugwayi katiki ilunga lekomidi  loMnyango wezeMfundo uMnuz Sanele Zondo, amakhansela angenazo iziqu zemfundo ephakeme.

UZondo uveze lokhu emcimbini wokuklomelisa abafundi abenze kahle kumatikuletsheni (matric Excellence Awards & Bursaries Handover) ngaphansi kaMasipala waseNkandla,  namuhla e-Indoor Sports Centre, eNkandla. 

Ekhuluma uZondo obeyisikhulumi sosuku kulo mcimbi, uthi kulo nyaka kuzoba yihlandla lokugcina uhulumeni emukela amakhansela angafundile kongqondonkulu. 

"Asiwafuni amakhansela angafundile. Uma uthathwe ungafundile ngo November wakulo nyaka, yazi ukuthi siyagcina. Uma ungenile ekubeni yikhansela ungafundile, kumele uthathe isinqumo esisha Nhloko yoMkhandlu, ucele uxhaso kuma SETA noma uxhaso lukaMasipala.  Amakhansela ahambe eyofunda, mningi iminyaka engu 5, ukuthi abantu bahambe bayofunda," kusho uZondo.

Eqhuba uthe ikhansela elingafundile, lenza kube nzima ukuthuthukisa umphakathi. Ezeseka ngelithi likhohliswa ngabasebenzi baMasipala mayelana nesabelomali, ngoba lisuke lingeke likwazi ukuzifundela okubhalwe phansi.

Kulo mcimbi uMeya waseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza uhalalisele abafundi, izikole, abahloli nothisha abenze kahle ku-matric 2025.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose