News Avenue
News / Izindaba

UFUNA UBULUNGISWA UMNDENI WOBULAWE EMNAMBITHI

UFUNA UBULUNGISWA UMNDENI WOBULAWE EMNAMBITHI
LINDOKUHLE NGCOBO 

UFUNA ukubona ubulungiswa ngokushesha umndeni wowesilisa obulawe kubanjwe inkunzi isitolo sobucwebe eMnambithi. 

UMnuz Vusumuzi "Mandanda" Mbongwa(23) waseKuvukeni, eMnambithi ushonele esibhedlela iLadysmith  Provincial Hospital  ngoLwesihlanu, ngemuva kokudutshulwa esitolo abesebenza kuso iCash Crusaders.

 Kusolakala ukuthi umufi uthelwe ngamachaphazelo ngesikhathi kunokudubulana phakathi konogada nabesilisa ebebezama ukubamba inkunzi isitolo i-American Swiss.

Ekhuluma neNews Avenue umfowabo kamufi namuhla uMnuz  Thulasizwe Hlatshwayo uthe, bewumndeni bafuna ubulungiswa ngokuphuthuma mayelana nokubulawa kukamfowabo.

"Kubuhlungu kakhulu okwenzekile, umfowethu ulimale ephuma emsebenzini wakhe esebuyela ekhaya. Kusenzima ukubhekana nalesi simo sifuna babanjwe abenzi bobubi," kusho uHlatshwayo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose