UFAKAZI KWI MADLANGA UPHUMELE OBALA NGOKUBULALA OKUNGEKHO EMTHETHWENI
IPhini LoMqondisi Wezophenyo kwi-IPID eKwaZulu-Natal(KZN), uMnuz Len John, seliphumele obala ngezinsolo zokubulala okungaphandle komthetho okwenziwa ngamanye amaphoyisa. Lokhu kuvele ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe namhlanje phambi kweKhomishana kaMadlanga ephenya ngenkohlakalo nokugxambukela kwezepolitiki ophuzwini lwezobulungiswa.
Ngokusho kukaJohn, sekuvele isithombe esikhathazayo lapho amathimba akhethekile emaphoyiseni (task teams) e-KZN esetshenziswa njengezinkabi zokuqeda abasolwa. Uveze ukuthi lezi zigameko, lapho amaphoyisa athi adubule "ezivikela" ngoba abasolwa bevule umlilo kuqala, sezandile kakhulu esifundazweni. Okutholwa endaweni yesehlo kuyashayisana nemibiko yamaphoyisa.
UJohn unyakazise ikhomishana ngokuveza ukuthi uma abaphenyi be-IPID befika ezindaweni zezigameko, bafika bathole izinto ezihluke ngokuphelele kulokho okubhalwe phansi emibikweni yamaphoyisa "abulele". Phakathi kokunye, uJohn uthinte nodaba olubucayi lukasomatekisi owabulawa ngesihluku okusolwa ukuthi kwakhiwa isithombe sokuthi amaphoyisa asengene agamanxa ezimpini zemboni yamatekisi ezidla lubi e-KZN.
"Lokhu amaphoyisa athi kwaholela ekubulaweni kwalo somatekisi, kuphambene bukhoma nobufakazi obutholakale lapho edutshulelwa khona," kuchaza uJohn.