News Avenue
News / Izindaba

UDJ SGQEMEZA UPHUMELE OBALA NGOKUMHLUKANISE NOKHOZI FM

UDJ SGQEMEZA UPHUMELE OBALA NGOKUMHLUKANISE NOKHOZI FM

UHLULEKILE ukuzibamba wacacisa ngesizathu esimenze washiya emsakazweni uKhozi FM, uSipho "DJ Sgqemeza" Mbatha.

Esitatimendeni esikhishwe uDJ Sgqemeza namuhla obeseneminyaka engaphezulu kwengu 20 esebenza kulo msakazo.  Udalule ukuthi abaphathi balo msakazo abasha, bamtshele ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe.

"Akulona iqiniso ukuthi ngizicelele ukuhamba, lokho amanga enziwe kusetshenziswa izintatheli ukuze kube ngathi isicelo sami, sengiyamazi lowo mphathi. Izizathu abazishilo, nginqena nokuzisho la, ukuhlonipha u-SABC nesithunzi soKhozi FM kodwa ihlazo ukuthi isiteshi esingaka singasebenzisa lawo mampunge ukuthatha izinqumo," kubeka uDJ Sgqemeza.

UKhozi FM luvale isikhala sikaDJ Sgqemeza ngoVee Mthembu,  ozongena noMroza Buthelezi ohlelweni lwasekuseni phakathi nezinsuku, kusukela ngo 6h00 - 9h00.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose