News Avenue
News / Izindaba

UCACHALIA UNXUSA AMAPHOYISA UKUTHI AZIVIKELE

UCACHALIA UNXUSA AMAPHOYISA UKUTHI AZIVIKELE
LINDOKUHLE NGCOBO 

OBAMBE esobuNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli, uSolwazi Firoz Cachalia ucele amaphoyisa ukuthi abeke phambili ukuphepha kwawo uma evikela umphakathi.

UCachalia ukhulume kanje e-Union Buildings, ePitoli  namuhla emcimbini wokukhumbula amaphoyisa angu-27 ashone esemsebenzini phakathi kuka-April 2024 kuya ku-April 2025.

"Ukushona kwephoyisa akukhona ukulahlekelwa komndeni kuphela noma kwamanye amaphoyisa  kodwa kusho ukulahlekelwa kwesizwe sonke," esho.

Lo mcimbi ubuhanjelwe iPhini likaMengameli wakuleli uMnuz Paul Mashatile, uKhomishana wamaphoyisa kuleli  uGeneral Fannie Masemola, uNfunankulu wesifundazwe iKwaZulu Natal uThami Ntuli nemindeni yamaphoyisa ashonile.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose