News Avenue
News / Izindaba

UBUDLELWANE OBUSHA PHAKATHI KWETHEKU NETOYOTA

UBUDLELWANE OBUSHA  PHAKATHI KWETHEKU NETOYOTA
LINDOKUHLE NGCOBO 

INKAMPANI ekhiqiza izimoto kuleli iToyota South Africa Motors (TSAM) isazibophezele ukusebenzisana noMasipala weTheku. Kulandela umhlangano othele izithelo ezinhle, obuphakathi kukaMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba noMengameli weTSAM uMnuz Andrew Kirby.  

Kulindeleke ukuthi lobu budlelwane buqinise umsebenzi wokwakhiwa kabusha kwengqalasizinda nokuthuthukiswa komnotho. Lokhu kusho ukuqala kwekhasi elisha njengoba kuke kwabakhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwalezi zinhlaka ezimbili. Ngemuva kokuthi kucekeleke phansi izimoto zakwaToyota ezingu-4 300 ngenhlekelele yezikhukhula  ezihlasele eThekwini ngo-April 2022. Le nkampani yasola lo Masipala ngokungayilungisi ingqalasizinda yamapayipi ehamba amanzi emvula.

Ngemanje uKirby usecula elinye icula njengoba, eveze ukuthi iTSAM izoqhubeka nokutshala imali eThekwini. Wathi le nkampani inomthelela omuhle ekuthuthukiseni umnotho. 

I-TSAM itshala imali engaphezulu kuka-R18 billion ngonyaka kuleli, kanti iTheku liqoqa imali engaphezulu kuka-R6 million ngonyaka kule nkampani. 

"Ngisho ngemuva kwenhlekelele yezikhukhula, asikaze sikucabange ukushiya eThekwini. Ubudlelwane bethu obuqinile neTheku yikhona okuhamba phambili," kusho uKirby.


UMeya uXaba udalule ukuthi uMasipala utshale imali engu-R450 million ukulungisa ingqalasizinda yomgwaqo. Nemali engaphezulu kuka R120 million yokulungisa amapayipi acekeleke phansi ngesikhathi kuhlasela izikhukhula.

"Akumele sikuthathe kancane lobu budlelwane. Ingakho sizibophezele ukuqhubeka nemisebenzi yokulungiswa kwengqalasizinda,"kubeka uXaba.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose