News Avenue
News / Izindaba

UBHODLA UMLILO UNINA WOMFANA ODUKE KOWE PIRATES NE DOWNS

UBHODLA UMLILO  UNINA WOMFANA ODUKE KOWE PIRATES NE DOWNS
SIZO BLOSE 

Ubhodla umlilo unina kaMpemdulo Mashiane(16) waseNelspruit. 

UMpendulo uhambe nabangani bakhe baya ePitoli ukuyobuka ibhola phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, eLucas Moripe Stadium.

Kuvela kuthi ngesikhathi sebephakathi enkundleni, uhambe wathi uyabuya usayochama, akaphindanga wabuya ngemuva kwalokho. 

Ucingo lwakhe ulushiyile kubangane bakhe ngesikhathi ehamba, enzela ukuthi lungalahleki.
Okucasula unina kaMpendulo ukuthi abangani bakhe bafikile bezocela ukuhamba naye, wanqaba. Kangangoba bekumele amnike uR500, okuyimali amnika yona nyanga zonke, wangamnika esabela khona ukuthi uzomnika lemali yena egcina eyisebenzisela lolu hambo.

Unina kaMpendulo kuvela ukuthi ugxeka abangani baMpendulo abasola ngokuthi bamthathe ngaphandle kwemvume yakhe.

 Kuthiwa uyifuna kubona indodana yakhe eyodwa vo. Uthembisa kumbe usabisa ngokuthi kuzofa umuntu uma ingabuyi kuze kuphele usuku lwanamhlanje.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose