News Avenue
News / Izindaba

UBHODLA UMLILO UKELLY KHUMALO NGOKUSHIWO UTEFFO.

UBHODLA UMLILO UKELLY KHUMALO  NGOKUSHIWO UTEFFO.
SIZO BLOSE

Umculi odumile kuleli, uKelly Khumalo uvutha engabaselwe ngenxa yenkulumo eyenziwe u-Adv Malesela Teffo kwi Podcast ka Mac G.

Ephawula ezinkundleni zokuxhumana uKelly, uthe sekwanele manje, miningi leminyaka kufakwa igama lakhe odakeni, uma kukhulunywa ngokufa kukaSenzo Meyiwa.

"Angizimisele nangokufaka abammeli kulolu daba, angifuni nokuveza ubuhlakani ngalo, ngikhathele manje, umuntu onokuthize akeze angilande," kusho uKelly ngamafushane, kucaca ukuthi unyanyile.

Kodwa okuphawulekile ukuthi uze wayiqeda inkulumo yakhe engalifakanga igama lilaTeffo. Kodwa uma uyibonile iPodcast kaMac G bewubona ukuthi lenkulumo iqondiswe kuTeffo.

UTeffo, ubekhuluma engananazi ethi, uKelly owadubula wabulala uSenzo Meyiwa kwaKelly ngo 2014. Ukhulume nokunye okuningi elandisa ngokwenzeka ngalobu busuku.
Ngaphambi kokuthi aqede ube eseveza ukuthi uGeneral Bheki Cele owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa noKhehla Sithole owayengu Khomishana wamaPhoyisa baxatshaniswa yini. "Inkinga kwaba yizidakamizwa ezazingena echwebeni laseThekwini, uCele wazama ukuzifihla kanti Sithole uzozithola azithathe ayozibeka eGoli," kusho uTeffo obonge uMac G ngokumnika inkundla yokuthi abhodle.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose