UBHEKWE NGABOVU OWO MTELEBHELO KWI LEMBE
Abahleli bomjaho wamahhashi, i-Ilembe Mtelebhelo Horse osubhekwe ngamehlo abomvu, bathembise ukuthi bazonyusa kakhulu izinga lalo mncintiswano ohlelelwe ukuba seKhenana Mountain, eNdwedwe ngeSonto.
Lo kuzobe kungunyaka wesibili lo mqhudelwano ubanjelwa kule ntaba edume ngokukhonzela amakholwa ebandla iNazaretha njalo ngoJanuary. UNobhala we-Ilembe Mtelebhelo Horse Association, uNksz Thandeka Khuzwayo, uqinisekise ukuthi konke sekumi ngomumo. Uthe inhloso yabo wukuba lo mjaho ufinyelele ezingeni lemijaho emikhulu efana neDundee July, kodwa okubaluleke kakhulu wukuthuthukisa umnotho wasemakhaya. Ngenxa yokuthi akukho zitolo kule ntaba, osomabhizinisi bendawo bazothola ithuba elihle lokudayisa ukudla nezingubo zesintu.
UMkhandlu wase-Ilembe, ulandelwa nguKhansela Nzuzo Chamane, uthe uzotshala izimali zokuqinisekisa ukuthi lo mcimbi ufinyelela ezingeni leDurban July. UMnuz Zwelibanzi Cele, oyimeneja yeYouth Art Culture and Sport kuMasipala iLembe, unxuse osomabhizinisi nabantu abakhulele kule ndawo ukuba bathenge amahhashi ukuze bamele lo mkhandlu kweminye imijaho.