News Avenue
News / Izindaba

UBESEGULILE UJESSE JAKSON OBELWELA AMALUNGELO ABANTU

UBESEGULILE UJESSE JAKSON OBELWELA AMALUNGELO ABANTU
UBEHLUSHWA ukugula umfundisi Jesse Jackson ongasekho emhlabeni.

Umndeni wakhe(uJackson) umemezele namuhla, ukuthi uJackson akasekho emhlabeni, ushone eneminyaka engu 84 ubudala.  Nakube umndeni wakhe ungadalulanga ukuthi ushonele kuphi, kanjani. Kuvela ukuthi uJackson ubexinwe ukugula, kulandela ukuthi ngonyaka ka 2017, kutholakele ukuthi uphila nesifo esibizwa nge Parkinson. Nokuthe ngoNovember 2025 wangeniswa esibhedlela ngenxa yokuhlaselwa ukugula. 

UJackson waziwa ngokusebenza kwakhe njengesishoshovu. Waphinde washaya imashi noMartin Luther King Jr, ngesikhathi ekhankasela(uJackson) ukuba nguMengameli phakathi kweminyaka ka 1984 no 1988.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose