News Avenue
News / Izindaba

UBENGAYIFUNI IDA OYIJOYINILE

UBENGAYIFUNI IDA OYIJOYINILE
Ubengayithandi neze i-Democratic Alliance (DA) obeyikhansela le-ANC kuWadi 8 eThekwini, uMnuz Marco Mbambo, osegcine eyijoyine(DA) ngokusemthethweni le nhlangano ngenxa yokuxoshwa kwakhe.

UMbambo ujoyine iDA kanye nozakwabo uMnuz David Ngubane, obeyikhansela lakuWadi 16 eThekwini. Laba baholi bamukelwe ngokusemthethweni esithangamini sabezindaba esibanjelwe e-Onomo Hotel, eThekwini namhlanje.

UMbambo uthe kube buhlungu kakhulu ukuxoshwa kwi-ANC ngoba ubeyikhonzile le nhlangano. Uveze ukuthi incwadi yakhe yokuxoshwa uyithole ngomlayezo ka-WhatsApp ngesonto eledlule. Wajula ngokuthi kumphathe kabi ukubizwa ngempimpi.


Ekhuluma nabezindaba uMbambo akazange akufihle ukungayithandi kwakhe iDA ekuqaleni, kodwa uthe isimo sepolitiki esishintshayo simenze washintsha nomqondo.

"Ngizokhuluma iqiniso bengingayizwa kahle iDA, angifuna ukuqamba amanga bengingayizwa kahle. Ngithe uma sengimbandakanywa nayo, ngabona ukuthi sekumele ngiyijoyine. Ngihlalile nomndeni wami ngempelasonto ngakhuluma nawo bakhombisa ukungeseka bathi kumele ngiyijoyine. Bathi ipolitiki iyashintsha," kusho uMbambo.

Laba baholi bamukelwe uMholi weDA KwaZulu-Natal (KZN) uMnuz Sithembiso Ngema noSihlalo weDA eKZN uMnuz Dean Macpherson. I-DA idalule ukuthi bobabili uMbambo noNgubane bazophinde bamele leli qembu ezikhundleni zokuba ngamakhansela kumawadi abo okhethweni lohulumeni basekhaya ngomhlaka 4 November 2026.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose