News Avenue
News / Izindaba

UBANJWE NE CELLPHONE EJELE OHLANGANISWA NO MCHUNU NO CELE

UBANJWE NE CELLPHONE EJELE OHLANGANISWA NO MCHUNU NO CELE


SIZO BLOSE

Usomabhizinisi osephenduke undabamlonyeni ngemuva kwesithangabi sabezindaba ebesibizwe uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi ngeSonto, uVusimuzi "Cat' Matlala ubanjwe ne cellphone ejele.

Elandisa esinye isiteshi srthelevishini uKhomishina wamaJele, uMakgothi Thobakgale uthe kungumkhuba wabo ukuhlale besesha iziboshwa bebheka izinto ezingavumelekile ejele.

 Lokhu bakwenza zingazelele iziboshwa. Uthi ngesikhathi besesha lapho okuboshwe khona uCat Matlala oboshwe eKgosi Mampuru, izolo, bathole kuyena icellphone. 
"Iziboshwa zingenisa amafoni ngokungemthetho zibe sezihlanganisa izinto zazo zingaphakathi ejele zisebenzisa lezi zingcingo," kuchaza uKhomishina.

Uthe njengamanje uMatlala ufakwe eC Max nokulapho okuboshwa khona izigebengu ezinobungozi.

NgeSonto uMkhwanazi uveze ukuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu unokusebenzisana nezigebengu, ube eseveza ubufakazi lapho kunenkulumo eyayenziwa uMatlala noNgqongqoshe
 UMchunu ubeseke waveza ukuthi akazani noMatlala.
Ngakolunye uhlangothi owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usanda kuvuma ukuthi ubehlala endlini kanokusho abeyinikwe uMatlala ePitoli kodwa wagcizelela ekutheni bebengebona abangani.

UMatlala oke wathola ithenda ka R360 million, eyabuye yakhaselwa, uthe akukhathazi konke lokhu okushiwo ngaye, empeleni akakugqizi qakala.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose