U-OMOTOSO UGINQE I-NPA
Le nkantolo yathola u-Omotoso nabalingani bakhe uLusanda Sulani noZukiswa Sitho bengenalo icala, emacaleni ababebekwe wona, kuwo okubalwa elokushushumbisa abantu nokudlwengula.
UJaji Irma Schoeman wathola laba bengenacala, waveza ukuthi iNPA ihlulekile ukuveza ubufakazi obuphathekayo .
NgoJuly walo nyaka, uSchoeman wanqaba isiphakamiso seNPA eyayifuna isizathu esiphathekayo ngokudedelwa kuka-Omotoso. Umbuso ukholelwa ekutheni uSchoeman wenza iphutha ngesikhathi ededela u-Omotoso nabalingani bakhe.