News Avenue
News / Izindaba

SIZWAKELE ISIKHALO SODOKOTELA BASE-KZN

SIZWAKELE ISIKHALO SODOKOTELA BASE-KZN


LINDOKUHLE NGCOBO

KULINDELEKE ukuthi kuphume izikhangiso zomsebenzi wodokotela abangaphezulu kuka-50 KwaZulu-Natal(KZN). Lolu hlelo luvezwe uNdunankulu waseKZN uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi enomhlangano nenhlangano yodokotela bakuleli iSouth African Medical Association (SAMA) ngesonto eledlule. 

Kulandela umbhikisho wodokotela bakulesi sifundazwe abangasebenzi. Nakuba kusandakukhishwa izikhangiso ezingu-20 zomsebenzi wodokotela eKZN, ngesonto eledlule odokotela baqhubekile nokubamba umbhikisho esangweni lasemahhovisi kahulumeni waseKZN eMgungundlovu. 

Odokotela bebefuna kukhishwe ezinye izikhangiso zomsebenzi ngaphansi koMnyango wezeMpilo, befuna umhlangano nohulumeni waseKZN nokuqinisa indlela yokusebenza kwezempilo. 

UNdunankulu uthi uhlelo lokuqashwa kodokotela kumele lube sobala. Wathi amalunga eSAMA azobe yingxenye yethimba elizobe liqasha. 

"Siyazi ukuthi kunodokotela abangaphezulu kuka-150 abangasebenzi eKZN. Ngokwesimo sezimali kwenza kubenzima ukuthi siqashe bonke odokotela abadingekalayo, isifundazwe sizosebenzisa esinakho ukwenza ngcono ezempilo," kuchaza uNtuli.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose