SIZOGXILA EKZN ESIKA MALEMA
Kuzona kubalwa namalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya.
UMalema kulindeleke ukuthi angayishiyi indaba yokungenzi kahle kweKZN okhethweni lwangonyaka owedlule, 29 May.
Kungenzeka ukuthi athinte amalungiselelo akulesi sifundazwe ukuthi ahamba kanjani.
Ngakolunye uhlangothi umholi weMayibuye, uFloyd Shivambu, uthuse abaningi ngesikhathi ene interview noClerment Manyathele kuSabc 1, evele ethi, wonke amaqembu asebenzisa imali kahulumeni ngokungekho emthethweni ukukhankasa, waze wabala ne-EFF kanjalo neMKP ethi, ubeba khona ngisho emihlanganweni kukhulunywa ngamathenda okuthi uma etholakala azosetshenziselwa ukukhankasa.
Kodwa uke wangena ezintangeni ngesikhathi uClerment Manyathela embuza ukuthi kungani engavulanga icala, kwazise kwakusetshenziswa imali kahulumeni ngokungekho emthethweni.