News Avenue
News / Izindaba

SIYADLONDLOBALA ISIKOLE SABACHIBIYELA U-MATRIC

SIYADLONDLOBALA ISIKOLE SABACHIBIYELA U-MATRIC

LINDOKUHLE NGCOBO 

KULINDELEKE ukuthi sibe namanye amagatsha isikole sabafundi abachibiyela imiphumela kaMatric, iKwaZulu-Natal Matric Excellence. 

Lokhu kuvezwe uMphathi walesi sikole esinabafundi abangu-350, uNksz Buhlebemvelo Langa engxoxweni ekhethekile neNews Avenue.

Ekhuluma uNksz Langa udalule ukuthi isikole sakhe sizoba namagatsha amasha eGauteng naseMpumalanga kusukela ngonyaka ozayo (2026). Wathi kusukela ngonyaka ozayo igama lalesi sikole kuzoba iMatric Excellence. 

"Size sifike ekutheni sibone isidingo sokuvula amanye amagatsha ikakhulukazi  eMpumalanga naseGoli, baningi kakhulu abafundi esinabo abaqhamuka kulezo zindawo. Sibone kubalulekile ukuthi sisondeze izinsiza kubona, ukunciphisa izindleko kubazali, ukukhokhela indawo yokuhla nokuthenga ukudla nemali yokugibela," kuchaza uNksz Langa.

"Uthole ukuthi umuntu akasakwazi ukunaka kahle umsebenzi wesikole, usekhumbule ekhaya. Uthole ukuthi izingane eziseduze neTheku ngezimpelasonto ziyemakubo, lapho umfundi osuka kude akasakwazi ukuya kubo ezinye zezathu ezenze sisondele kubona. Nalapha KwaZulu-Natal sizovula amagatsha ePort Shepstone naseMgungundlovu," esho.

Lesi sikole sisebenzisana nothisha bamabanga aphezulu, abakhiqiza imiphumela emihle ezikoleni zabo. Phakathi kwezifundo ezikhona iMathematics, Accounting, Physical Science,  Life Science, Economics, English,  Agriculture, History, Geography, Business Studies neMathematics Literacy. 

Ephetha uNksz Langa uveze ukuthi ngesonto eledlule baklomelise abafundi abangu-103 abenza kahle ngesikhathi bebhala izivivinyo phakathi nonyaka. Uthi lokhu kwenzeke ngenhloso yokukhuthaza abafundi ngaphambi kokuba babuyela ezikoleni zabo ukuyobhala izivivinyo zokuphela konyaka.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose