News Avenue
News / Izindaba

SIPHINDE SACHITHWA ISICELO SE BAIL SOMCULI WE LIKOMPO

SIPHINDE SACHITHWA ISICELO SE BAIL SOMCULI WE LIKOMPO
Kuphinde kwabheda kuShebe "Shebeshxt" Maburna ongumculi weLikompo. Lentandokazi yomculi ikakhulukazi kulabo abalandela umculo wakhe, ubezama ukuthola ibheyili.

 Lokhu kulandela icala asolwa ngalo lokuzama ukubulala umshayeli wemoto azithola exakazisana naye emgwaqeni.

Ngesikhathi ikhipha isinqumo, imantshi iveze ukuthi uShebe akawuhloniphi umthetho. Uveze ukuthi uke wacelwa ukuthi avele phambi komphenyi wecala, yena wafika ngemuva kwamahora angu 5, ephethe utshwala. 

Uphinde aphathe isibhamu nommese, azame ukukusebenzisa kubalandeli bakhe.
Icala lihlehliselwe umhla zingu 18 kuFebuary 2026, nokusho ukuthi ukhisimusi nonyaka omusha uzokubona esejele.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose