News Avenue
News / Izindaba

SIMUNCU ISIMO KUMSAKAZI OKWELETA UMNGANI

SIMUNCU ISIMO KUMSAKAZI OKWELETA UMNGANI
Sizwe Blose 

Izinkinga zezimali kuthiwa sezidale enkulu ingxabano phakathi komsakazi weMetro FM, uTbo Touch owenza uhlelo lwantambama iTouch Down nomngane wakhe okunguyena obemboleka imali.

Kuvela ukuthi izinkinga zemali zivele ngemuva kokuthi, uTbo Touch ethathe isinqumo sokuyohlala phesheya,  e-Australia nomndeni wakhe.

Ukungahambi kahle kwesimo sezimali kugcine kumphoqa ukuthi agcine eboleka kulo mngani wakhe. Inkinga iqale lapho esehluleka ukugcina isethembiso sokubuyisa imali kamngani wakhe. Kuvela ukuthi nekhonsathi lomculo weGospel ayethembele kulona ukuthi lizomsiza abuyise imali yomngani alihambanga kahle.
Kuphinde kuvele ukuthi uTbo Touch ubebuye athathe nemali yokukhokhela imoto nayo engakaze ibuye. Udaba seluvezwa ukuthi sekungene umthetho kulona ngoba umngani uyayifuna imali yakhe.
Imizamo yokuthola uTouch ayiphumelelanga.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose