News Avenue
News / Izindaba

SICHITHIWE ISICELO SOBOSHELWE UKUBULALA UMEYIWA

SICHITHIWE ISICELO SOBOSHELWE UKUBULALA UMEYIWA
LINDOKUHLE NGCOBO 

  UJAJI uRatha Mokgoatlheng usichithile isicelo sommangalelwa wesine ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana. 

Echitha lesi sicelo namuhla eNkantolo enkulu yasePitoli, uMokgoatlheng udalule ukuthi umbuso unobufakazi obanele okuveza ukuthi uMthokoziseni Maphisa uyathinteka kuleli cala. 

"Kungenzeka ukuthi kwabanamaphutha ngesikhathi uConstable Sizwe Zungu ebhala esitatimendeni kodwa umbuzo unobufakazi okwanele bokuthi, umsolwa wesine uyathinteka kuleli cala," kusho uMokgoatlheng.

UMaphisa ungomunye wabasolwa abahlunu ababoshelwe ukubulala uMeyiwa. Lo mmangalelwa ufake isicelo efuna kuhoxiswe wonke amacala asolwa ngawo kuleli cala. Ezeseka(UMaphisa) ngelithi umbuso uhlulekile ukuveza ubufakazo bokuthi uyathinteka kuleli cala. 

UMeyiwa wadutshulwa wabulawa kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus ngomhlaka 26 October 2026.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose