SESITHOLAKELE ESINYE ISIDUMBU SABAMUKE NEMVULA
Kuvela ukuthi kubantu abathathu abamuke nomfula, isidumbu soyedwa wabo sesitholakele kodwa kusabhekwa ezabanye amabili ezingakotholakali.
Umphakathi okhathazekile sewuzifikele mathupha ukuzobona ukuthi ziyatholakala yini izihlobo.
Laba abamukile bebezama ukudlula ebhulohweni ebelinamanzi, ngebhadi kanti imoto izohluleka ukuwela.
Kucelwa abantu ukuthi bazinake izexwayiso abanikwa zona ezimayelana nesimo sezulu esiguquguqukayo.