News Avenue
News / Izindaba

SEKUTHOLAKALE ESINYE ISIDUMBU ETHEKWINI LINDOKUHLE NGCOBO KUYAQHUBEKA ukutshontshwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda kaMasipala weTheku. Lokhu kulandela ukutholakala kwesinye isidumbu somuntu eduze kwendawo yamapayipi amanzi emgwaqeni uSouth Coast eClairwood, eningizimu yeTheku namuhla. Lokhu kwenzeka nje, kusandukutholakala izidumbu zabantu ababili abalimele esiteshini sikagesi eSiphingo. Esigamekweni sanamuhla kuvela ukuthi umufi ubezama ukuntshontsha amakhebuli kagesi eduze kwale ndawo okuqhubeka kuyo umsebenzi wokulungiswa kwamapayipi amanzi. Kusolakala ukuthi ngesikhathi umufi ezama ukuthinta amakhebuli kagesi, ulinyazwe ugesi washona. Lesi sigameko siholele ekutheni kuphazamiseke ugesi ezingxenyeni zaseClairwood. Umqondisi woMnyango wezamandla eThekwini uMnuz Philani Shange udalule ukuthi seluqalile uphenyo mayelana nalesi sigameko. "Kuyakhathaza ukunyuka kwesibalo sabantu abashona ngalezi sigameko. Lesi senzo asifaki nje kuphela engcupheni impilo yomuntu osuke eganga kodwa siyingozi nasezimpilo zabantu basemphakathini," kuchaza uShange. Ephetha unxuse umphakathi ukuba udlalele kude nengqalasizinda kagesi. Wathi umphakathi kumele ubike uma kukhona abahlasela ingqalasizinda kaMasipala.

News Avenue News / Izindaba
 ESINYE ISIDUMBU ETHEKWINI

LINDOKUHLE NGSEKUTHOLAKALECOBO 

KUYAQHUBEKA ukutshontshwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda kaMasipala weTheku.
Lokhu  kulandela ukutholakala kwesinye isidumbu somuntu eduze kwendawo yamapayipi amanzi emgwaqeni uSouth Coast eClairwood, eningizimu yeTheku namuhla.

Lokhu kwenzeka nje, kusandukutholakala izidumbu zabantu ababili abalimele esiteshini sikagesi eSiphingo.

Esigamekweni sanamuhla kuvela ukuthi umufi ubezama ukuntshontsha amakhebuli kagesi eduze kwale ndawo okuqhubeka kuyo umsebenzi wokulungiswa kwamapayipi amanzi. Kusolakala ukuthi ngesikhathi  umufi ezama ukuthinta amakhebuli kagesi, ulinyazwe ugesi washona. Lesi sigameko siholele ekutheni kuphazamiseke ugesi ezingxenyeni zaseClairwood.

Umqondisi woMnyango wezamandla eThekwini uMnuz Philani Shange udalule ukuthi seluqalile uphenyo mayelana nalesi sigameko.

"Kuyakhathaza ukunyuka kwesibalo sabantu abashona ngalezi sigameko. Lesi senzo asifaki nje kuphela engcupheni impilo  yomuntu osuke eganga kodwa siyingozi nasezimpilo zabantu basemphakathini," kuchaza uShange.

Ephetha unxuse umphakathi ukuba udlalele kude nengqalasizinda kagesi. Wathi umphakathi kumele ubike uma kukhona abahlasela ingqalasizinda kaMasipala.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose