News Avenue
News / Izindaba

SEKUPHINDE KWENZEKA ENYE INGOZI YABAFUNDI EMBALI

SEKUPHINDE KWENZEKA ENYE INGOZI YABAFUNDI EMBALI
LINDOKUHLE NGCOBO 

KULIMALE abafundi abathathu engozini yetekisi eyenzeke namuhla endaweni yaseMbali eMgungundlovu.

Le ngozi yenzeke enkulisa lapho kushayise khona itekisi ebithwele abafundi besikole izolo. 

Kuvela ukuthi kule ngozi yanamuhla itekisi belihlehla lase liphoseka lapho kwenzeke khona ingozi. Abezimo eziphuthumayo bakwazile ukusiza izingane ezintathu ezilimele. Ngenhlanhla kuvela abafundi abalimele bathole imihuzuko. 

Amaphoyisa asaphenya kabanzi ngembangela yale ngozi. 

Kuzokhumbuleka ukuthi engozini eyenzeke izolo kule ndawo kushone abafundi abahlanu, kwalimala abayisishagalolunye.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose