News Avenue
News / Izindaba

OWOKUHLONIPHA ABANGCWABI NGONYAWO OLUSHA

OWOKUHLONIPHA ABANGCWABI NGONYAWO OLUSHA
Lindokuhle Ngcobo 

UHLELE ukuqhamuka ngonyawo olusha umcimbi wokuhlonipha ngezindondo abangcwabi, iNational Funeral Business Awards (NFBA). 

Lokhu kuvele namuhla eVillage10, eThekwini ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zalo mcimbi.

Kuzokwenzeka okungajwayelekile kulo mcimbi njengoba kumenyezelwe ukuthi, uzoqala ngosuku lwangoLwesihlanu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lapho izihambeli zalo mcimbi zizobe zidlala imidlalo yezokungcebeleka, kuyo okubalwa ukugitshelwa kwamahhashi, ukuhamba ngentambo emoyeni nokunye okuningi. Kuthi ntambama kuhanjwe ngebhasi laseThekwini lokungcebeleka, kuyiwe endaweni yobumnandi iMax Lifestyle, eMlaza.

 Kuhlelwe ukuthi ngoMgqibelo abaqokwe kulo mcimbi, bahambele isidlo sasekuseni enkundleni yokudlala igalofu, kuthi ntambama kusingathwe abangcwabi abanqobe ngonyaka odlule, esidlweni sakusihlwa.

NgeSonto kube nesidlo sakuseni eMhlanga. Kuthi ntambama kube nomcimbi omkhulu wezindondo, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. Lokhu kuzobe kuqala ukwenzeka ngoba ngonyaka odlule lo mcimbi waba ngosuku olulodwa. Kulindeleke ukuthi zimenyezelwe maduze izinsuku ezisemthethweni zalo mcimbi.

Echaza mayelana nalo mcimbi ozobe ugubha iminyaka emibili kulo nyaka uSihlalo weNFBA uMnuz Muzi Hlengwa uthe inhloso yeNFBA, ukukhuculula umkhakha wezokungcwaba.


"Sisebenza kanzima ukuqeda ukukhwabanisa imali, ukushushumbiswa kwezidumbu, ukudlwengula kwezidumbu zabantu besifazane nokunye. Silapha ukuzokhuculula indima yezokungcwaba," kubeka uHlengwa.

Selivuliwe ithuba lokuqoka abangcwabi abazongela amaNFBA 2026, kanti kulindeleke ukuthi livulwe mhlaka 1 April 2026.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose