News Avenue
News / Izindaba

OWESILISA UBOSHELWE UKUSHUSHUMBISA INSANGU YESAMBA SIKA-R4 MILLION

OWESILISA UBOSHELWE UKUSHUSHUMBISA INSANGU YESAMBA SIKA-R4 MILLION

LINDOKUHLE NGCOBO 

USOBISHINI umsolwa wesilisa oneminyaka engu-32 ubudala, oboshelwe icala lokushushumbisa insangu engabiza inani lika-R4 million. 

Umsolwa uboshwe ngamaphoyisa endaweni yaseDundee, izolo ebusuku. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthi amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nemoto ebisuka eSwaziland ithwele insangu nokukholakala ukuthi yangena kuleli, ngomzila waseDumbe enyakatho neKwaZulu-Natal. Wathi amaphoyisa aseFunda iZululand, uphiko iGlencoe K9 unit namaphoyisa aseDundee azamile ukumisa le moto ngesikhathi ihamba emgwaqeni onguR33 ngaseBlood River, nokho umshayeli wayivuthela(imoto) ngamandla ebalekela abakwasidlodlo. 

"Amaphoyisa akwazile ukubamba umsolwa eDundee. Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi athole izikhwama zensangu ezingu-90 ezihlalweni zemoto zangemuva nasebhuthini, uma kungathiwa lezi zikhwama zensangu zidayuswa emgwaqeni zingenza imali engu-R4 million. 

Umsolwa uboshiwe mayelana nokushushumbisa izidakamizwa. Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo yeMantshi yaseDundee khona namhlanje, mhlaka 6 August 2025," kuchaza uNgcobo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose