News Avenue
News / Izindaba

OWE-NACOL UKHALA NGOKUVUZA KWEMINGCELE YAKULELI

OWE-NACOL UKHALA NGOKUVUZA KWEMINGCELE YAKULELI

UGXEKA ukuvuza kwemingcele yakuleli ngokwanda kwesibalo sabantu bangaphandle, abahlala kuleli ngokungekho emthethweni uMengameli weNational Community Liberation(NACOL)  uMnuz Muzi Hlophe. 

Ekhuluma namuhla esithangamini sabezindaba eBluewaters Hotel, eThekwini uHlophe uthe abantu bangaphandle abakuleli ngokungekho emthethweni mababuyele emazweni abo kodwa abalapha ngokusemthethweni bamukelekile. 

"Njengoba kunezinhlangano ezizimele ezikhona ziyabadudula. Kufanele sikwenzeke ngokucophelela ngoba kunobungozi. Kuyishwa ukuthi uhulumeni wethu akanawo amasu angcono ikakhulukazi ukuqinisa imingcele yaseNingizimu Afrika, " kubeka uHlophe.

Uqhube waveza ukuthi elakuleli lisenkingeni yakugcwala kwabantu bangaphandle ngokungemthetho ngenxa yokungaqiniswa kwezokuphepha emingceleni. 

UHlophe uphinde wakhala ngokungasebenzi kahle koMnyango wezaseKhaya, ewusola ngokuba nenkohlakalo. 

Leli qembu lezombusazwe liphinde lathula ngokusemthethweni ubuholi balo obuphezulu  kwinkomfa. I-NACOL eyethulwe ngokusemthweneni ngonyaka ka-2023,  izongenela ukhetho lwango-2026, okokuqala ngokuzimela.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose