News Avenue
News / Izindaba

OWE MKP UCHAZA INKULUMO KA MBEKI NJENGEHLASELA IQEMBU LABO

OWE MKP UCHAZA INKULUMO KA MBEKI NJENGEHLASELA IQEMBU LABO
Lindokuhle Ngcobo 

IQEMBU iMK Party likuthatha njengokuhlaselwa okushiwo ilowo owayenguMengameli kuleli uMnuz Thabo Mbeki, emcimbini womakadebona bophiko lezempi lwe-ANC neMK Military, eFree State. 

UMbeki uthi kwakufanele kuthathwe njengokuvukela umbuso ukusungulwa kweMK Party, eholwa ilowo owayenguMengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma. 

"Akukwazi ukuthi iqembu elisha bese lithola amavoti amaningi kangaka KwaZulu-Natal. Liphinde lithole ukwesekwa eMpumalanga naseGauteng, yindaba.  Ngokushesha i-ANC yashona phansi. Yindaba iningi labantu bakwaZulu-Natal, bakhethe ukulahla i-ANC. Nginombono wami ohlukile kunowabaholi be-ANC kodwa akukhona lokho okwenza sathola lo mphumela," kubeka uMbeki.

Eqhuba uMbeki uveze izinsolo zokuthi kukhona abantu abakhipha imali ngenhloso yokuxabanisa i-ANC ne-IFP. Wathi laba bantu bafuna ukudunga isizwe sabantu abamnyama, ezeseka, labo bantu baze banikela nangezikhali(izibhamu).

Ekhuluma nenhlangano yezindaba iSABC News, uMnuz Tony Yangeni oyiPhini lesibili likaMengameli weMK Party uthi, akukhona ukugxekwa lokhu okwenziwa uMbeki, kepha ukuhlaselwa. 

Wathi le nkulumo ibudedengu idelela abalandeli beqembu iMK Party.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose