News Avenue
News / Izindaba

OWE-IFP WESEKA IKHOMISHINI ESUNGULWE URAMAPHOSA

OWE-IFP WESEKA IKHOMISHINI ESUNGULWE URAMAPHOSA


LINDOKUHLE NGCOBO

NJENGOBA kukhona abashaya amakhala ngeKhomishini esungulwe uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, ezophenya ngezinsolo ezivezwe uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngenyanga edlule, kuphinde kube nalabo abayesekayo.

UMkhulumeli we-IFP jikelele, uMnuz Mkhuleko Hlengwa udalule ukuthi iqembu lakhe lihambisana nale  ezoholwa uJaji Mbuyiseni Madlanga obambe njengePhini lenhloko yamajaji. 

 UMkhwanazi waveza izinsolo zokuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Senzo Mchunu osamisiwe nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli uLieutenant General Shadrack Sibiya osamisiwe bangobhululu nezigebengu. Wasola(UMkhwanazi) uMchunu ngokuhlakaza uphiko lwamaphoyisa ebeliphenya ngokubulawa kwesopolitiki. 

Ekhuluma engxoxweni ekhethekile neNews Avenue uHlengwa uthe izinsolo ezivezwe uMkhwanazi zibucayi kakhulu, ezeseka ngelithi  ingakho kumele ziphenywe ukuze konke kuhlale obala emphakathini. Wanxusa umphakathi ukuba uyeke ukufanisa iKhomishini kaZondo nale yakamuva.

"Emaphoyiseni kunenkohlakalo, ngeke uthi amaphoyisa akhohlakele phenyani inkohlakalo yamaphoyisa, ngeke ukwazi ukwenza lokho. Naye (UMkhwanazi) ulwazi analo ngabe sidlala ngaye uma sizothi, akaluthathe aluhambise emaphoyiseni ngoba mhlawumbe uzoyinikezela abantu abayingxenye yenkinga," kuchaza uHlengwa. 

Ingxonxo ephelele mayelana nalolu daba izotholakala ekhasini likaYoutube leNEWS AVENUE maduze.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose