News Avenue
News / Izindaba

OWE ANCYL UKHWELE WADILIKA KWI IFP NE DA

OWE ANCYL UKHWELE WADILIKA KWI IFP NE DA
Usihlalo we-ANCYL KwaZulu Natal, uNtokozo Ngcobo ethula inkulumo yokweseka i-ANC, ukhwele wadilika  phezu kwe-IFP neDA.

Ekhuluma embuthaneni we-ANC kwisiFunda iTheku, uNgcobo uthe IFP kumele ingakhohlwa ukuthi iphethe isifundazwe ngokubambisana ne-ANC.

"Siyintsha ye-ANC sithi i-IFP kuzomele ikhethe ukuthi kuhamba uThulasizwe Buthelezi noma UNdunankulu uThami Ntuli. Asikwazi ukuthula ekubeni kulohulumeni wobambiswano kwenziwa engathi amalunga e-ANC aphathiswe iminyango awazi lutho. Njengamanje umnyango wezemfundo kwenziwa engathi uholwa ngabantu abangazi lutho kodwa abanenkohlakalo," kusho uNgcobo.

Eqhuba uNgcobo uthe indlela uButhelezi aziphatha ngayo ungaze ufunge ukuthi i-IFP yawina ukhetho ngamalengiso.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose