News Avenue
News / Izindaba

NGEKE BAYITHOLE IMIPHUMELA ABAFUNDI ABASOLWA NGOKUKOPELA

NGEKE BAYITHOLE IMIPHUMELA ABAFUNDI ABASOLWA NGOKUKOPELA
Lindokuhle Ngcobo 

BASAZOBANJELWA imiphumela yabo abafundi baka matric 2025 abasolwa ngokukopela. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMfundo yamaZinga aphansi kuzwelonke uNksz Siviwe Gwarube namuhla eMTN Innovation Centre, eGoli. 

UGwarube okulindeke ukuba amemezele ngokusemthethweni imiphumela ka-Matric 2025 namuhla ntambama, uveze ukuthi ukungayidedeli imiphumela yalaba bafundi(abasolwa ngokukopela) kuzonikeza uMnyango isikhathi esanela sokuqhuba uphenyo.  Wadalula ukuthi sesenyukele kwabangu-40 isibalo sabafundi abasolwa ngembuzi, sisuka kwabangu-26.


"Amaphepha agcinwa endaweni eyimfihlo nephephile. Kusolakala ukuthi umsebenzi wezeMfundo wathola iphepha kumuntu ongaphakathi. Babili abasebenzi bezemfundo abamisiwe, " kuchaza uGwarube. 

Ukuputshuka kwamaphepha kwabanjwa esifundazweni iGauteng ngoDecember 2025. Isifundazwe sabikela uMnyango wezeMfundo kuzwelonke nokuyilapho kuqale khona uphenyo. 

Amaphepha aputshuka elesiNgisi, Mathematics nalePhysical Science.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose