News Avenue
News / Izindaba

LUSHAYE UDAKA IKOMIDI LASEPHALAMENDE

LUSHAYE UDAKA IKOMIDI LASEPHALAMENDE

LINDOKUHLE NGCOBO 

LUSHAYE udaka ikomidi lasephalamende (Parliament's Ad hoc Committee) eliphenya ngenkohlakalo emaphoyiseni. 

Kulandela ukuhlehliswa kwesigcawu obekuzofakaza kuso uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi namuhla, ngenxa yokuthi u-Adv Norman Arendse  ohola uphenyo ubengasibhalanga isitatimende. Kubukeka sengathi u-Arendse ubethembele esitatimendeni seKhomishana kaJaji uMadlanga. 

Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema namanye amalungu ephalamende  baphakamise ukuthi uMkhwanazi ngeke afungele isitatimende, asifungela kwiKhomishana kaJaji Madlanga. 

UMalema uthe leli komidi alisebenzisani neKhomishana kaMadlanga.

"Sifuna isitatimende esizokwenziwa ikomidi noma ithimba lezomthetho. Ngokomthetho waseNingizimu Afrika akuvumelekile ukufungela isitatimende esisodwa ezindaweni ezimbili ezahlukene," kuchaza uMalema.

U-Adv Arendse uxolisile ngokungasenzi isitatimende, wakhala ngokuthi isikhathi sibe sincane. 

Leli komidi liphenywa ngezinsolo ezavezwa nguMkhwanazi ngoJuly, ezithinta ukugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose