News Avenue
News / Izindaba

LUSAYA KUDE ELOMBANGO WEZIKHALA ZOKUFUNDA

LUSAYA KUDE ELOMBANGO WEZIKHALA ZOKUFUNDA
Lindokuhle Ngcobo 

KUBUKEKA sengathi kusemanzi phansi ngombango wezikhala zokufunda esikoleni i-Addington Primary, eThekwini.

Lokhu kulandela inkulumo kaNkk Jacinta Ngobese Zuma ohola inhlangano iMarchandMarch, ayiveze namuhla enhlanganweni yabezindaba iSABC.

UNgobese Zuma ukhaliswa isibalo esivezwe uMnyango wezeMfundo yamaZinga aphansi KwaZulu-Natal, sabafundi abangaphezulu kuka 580, abavela ngaphandle kwakuleli ababhaliswe kulesi sikole.

Uthi lesi sibalo siphezulu, njengoba kukhona izingane zakuleli, ezingomakhelwane nalesi sikole kodwa ezingenazo izikhala zokufunda.

"Ngizofaka isiphakamiso sokuthi izingane zabofika ziyofunda ezikoleni ezizimele, ukuze ezikoleni zikahulumeni kuzofunda izingana zakuleli. Ngeke kukwazi ukuthi usizo olukhishwa uhulumeni wethu, lutholwe abantu baphandle, sikhona singabantu bakuleli lizwe," kubeka uMaNgobese Zuma.

UMnyango uthi uyile esikoleni wathola ukuthi isikole sinabafundi abangaphezulu kuka  1500. Kulesi sibalo abafundi abangaphezulu kuka 900 abakuleli, abangu 580 abangaphandle. Kulaba abangu 580, kukhona abangu 12, abengenawo amaphepha asemthethweni abagunyaza ukuba kuleli. 

UMnyango uthi abazali abangakazitholi izikhala, abalethe uhlu lwabafundi abafuna izikhala. Uzofunela(UMnyango) abafundi izikhala, ezikoleni eziseduze okukhona kuzo iClayton Primary,  Collegevable, Greyville nase St Anthony Primary School.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose