News Avenue
News / Izindaba

LUSASHUBILE ELOKUDILIZWA KWEZINDLU ENKANDLA

LUSASHUBILE ELOKUDILIZWA KWEZINDLU ENKANDLA

KULINDEKE ukuthi luqhubeke uhlelo lokudiliza izindlu zomphakathi, ezakhiwe ngokungemthetho endaweni kaMasipala waseNkandla. 

Lokhu kuvezwe uMeya waseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza, namuhla esithangamini sabezindaba, eNkandla. Ngemuva kokuthi lo Mkhandlu udilize izindlu ezingu-6, okuvela ukuthi zakhiwe ngonyaka ka-2014.

Echaza ngalolu hlelo uMeya uthe, uMasipala ulandela isinqumo senkantolo sokuthi laba abakhe endaweni kaMasipala badilizelwe izindlu. Ezeseka ngelithi uMkhandlu udinga indawo yawo ukuze uthuthuke. 

"Sesisifakile isaziso kwabanye abazodilizelwa izindlu. Silinde ukuthi uma ivula inkantolo bese abameli befaka ezinye izicelo, luqhubeke uhlelo lokuthi umhlaba kaMasipala usale njengoba wawunjalo," kuchaza uMeya Nzuza.

Eqhuba uMeya udalule ukuthi ngaphambi kokuthi uMasipala ufake lolu daba enkantolo, wazama(uMasipala) ukuvimba lo mphakathi.

Liphawula ngalolu daba ilunga lomndeni wakwaKhanyile, odilizelwe umuzi, uMnuz Thabo Zwane, uthe basale dengwane bedilizelwa umuzi wakubo. Wakhala ngokuthi asikho isaziso esifakwe uMasipala, sokuthi kumele basuke kule ndawo. 

"Badiliza izindlu zinezimpahla phakathi. Namhlanje silala emgodini, akukho lutho lana ekhaya. Ayikho into esizoyenza manje, abakaze basitshele lutho, ngabona ngabantu sebegcwele umuzi lana ekhaya," kubeka uZwane. 

 Kuvela ukuthi lo mphakathi ubekwe Induna uKhanyile kule ndawo, ngaphansi kwesizwe sakwaShezi. I-News Avenue imtholile uKhanyile kodwa unqabile ukuphawula ngalolu daba.

"Angivumelekile ukukhuluma ngalolu daba ngoba lusingethwe abameli," kubeka uKhanyile ngamafuphe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose