News Avenue
News / Izindaba

LUDIDA ABANINGI ELALOWO OSOLWA NGOKUBULALA UDJ WARRAS

LUDIDA ABANINGI ELALOWO OSOLWA NGOKUBULALA UDJ WARRAS
Lusadida abaningi udaba lokuboshwa kuka Victor Majola, osolwa ngokubulala uDJ Warras.

Esithombeni kubonakala amadoda amabili elandelana. Lamadoda iwona abonakala kwi CCTV ngosuku okwabulawa ngalo uDJ Warras.

Okuphinde kudide abaningi ukuthi amaphoyisa akubeka ngokusobala ukuthi umuntu owadubula uDJ Warras wayenze ama dreads, efakazisa ngokuthi uvezwa nayi CCTV. Kodwa okumangazayo akaboshiwe.

Kuthiwa uMajola uyena ongemuva kwetulo lokubulala uDJ Warras.

Lokhu sekuqubule izinkulumo eziningi kubantu. Kunalabo ababona uMajola njengomuntu osukelwayo, abanye bathi ayinuki ingosiwe, asazi kuyozwakala ngoJanuary 26, lapho okuzoqhubeka khona isicelo sebheyili enkantolo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose