News Avenue
News / Izindaba

LITHWALE KANZIMA IPHINI LIKA MENGAMELI WE EFF ELISOLWA NGOKUDLWENGULA

LITHWALE KANZIMA IPHINI LIKA MENGAMELI WE EFF ELISOLWA NGOKUDLWENGULA
 

SIZO BLOSE 

Uthwale kanzima oyiPhini likaMengameli we-EFF, uGordrich Gardee ngesikhathi eyobhonga emswaneni kwaMnuz David Mabuza owayeyiPhini likaMengameli wezwe kanjalo nele-ANC, odlule emhlabeni ngoLwesihlanu olwedlule. 

Bekulindeleke ukuthi kube uMengameli we-EFF ovakashela kwaMabuza namhlanje kodwa wagcina ethume iphini lakhe. 

 Inkinga iqale ngesikhathi uGardee ephendula imibuzo yezintatheli. 

 Uthe esachaza kamnandi indlela amazi ngayo uMabuza neqhaza labo njenge EFF ukumeseka ekubeni abe yiphini lika mengameli, kwavele kwaqhamuka intatheli ye-eNca evele yabuza uGardee ngentokazi ekusolakala ukuthi beyi yi-intern emsebenzini wakhe  okusolakala ukuthi uyidlwengulile nokusolwa ukuthi isabalalisa lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana.
 UGardee wenze konke okusemandleni ukuwuvika umbuzo wentatheli. 

"Akusona isikhathi esikahle sokubuza imibuzo enjengalowo lesi, kumele sikhombise inhlonipho," kuzikhalela uGardee.
 Ugcine engaphendulanga lutho mayelana nalolu daba uGardee, kodwa wagxila kuMabuza.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose