News Avenue
News / Izindaba

LILOLIWE IZEMBE KWABE-IFP KUHULUMENI

LILOLIWE IZEMBE KWABE-IFP KUHULUMENI
LINDOKUHLE NGCOBO 

BALENGELWA yizembe abathunywe i-IFP kuhulumeni, njengoba kuvela ukuthi bazokhishwa ezikhundleni uma bengawenzi ngendlela efanele umsebenzi. 

Lokhu kudalulwe uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa esithangamini sabezindaba ekomkhulu be-IFP, eThekwini namuhla. 

Ekhuluma uHlabisa ukhumbuze abathunywe ileli qembu kuhulumeni ukuba basebenzele umphakathi ngobuqotho. 

"Senza inhlababukhosi, kuwo wonke amakhansela ethu njenge-IFP nakoMeya bethu. Nakubo bonke esibathumile ukuthi sibabheke ngeso elibukhali. Sizimisele ukubalekelela kodwa uma bengenzi kahle asiyokunanaza ukuthatha isinqumo esizozwelana nesimo sabantu abadinga intuthuko," kubeka uHlabisa. 

Lo mholi ukhulume kanje nje iqembu lakhe lixoshe  obenguMeya kuMasipala waseJozini  uMnuz uMfananaye Mathe, ngenxa yokuthi ngaphansi kobuholi bakhe uMkhandlu ubunezinkinga zezimali usuhluleka ukuholela abasebenzi. Njengamanje iqembu lithume uKhansela Nkosinathi Scelo Myeni onguMeya waloya Masipala. Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni konyaka i-IFP ichithe uMnuz Petros Ngubane kwesokuba uMeya kuMasipala wesiFunda uMzinyathi, njengoba sekunoMeya uKhansela uThembisile Mchunu. UNgubane usolwa ngokushaya udaka okwenza ukusebenza kwesiFunda kungahambi ngokohlelo. 

UHlabisa uveze ukuthi ngenyanga ezayo(August ) ubuholi be-IFP buzoba nomhlangano wokubuyekeza umsebenzi nalabo elibathume koMasipala.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose