News Avenue
News / Izindaba

LIHLEHLISIWE ELIKA NKOSI

LIHLEHLISIWE ELIKA NKOSI
LINDOKUHLE 

Seliphinde lahlehliswa icala likaSergeant Fannie Nkosi  oyiPhoyisa elisamisiwe emsebenzini. UNkosi uvele kafushane eNkantolo eNkulu yasePitoli namhlanje.  INkantolo ilihlehlisele usuku lwango mhlaka 19 August 2026 icala likaNkosi, lapho kulindeleke ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala.

UNkosi ubhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwo elokukhwabanisa, ukuntshontsha amadokhethi, ukushushumbisa izidakamizwa, ukutholakala nezikhali nemali eningi endlini yakhe. Kusolakala ukuthi wonke amacala abhekene noNkosi, uwenze ePitoli naseThohoyandou. UNkosi usagcinwe esitokisini ngemuva kokuhluleka ukuthola ibheyili, kusukela aboshwa ngo-April kulo nyaka.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose