News Avenue
News / Izindaba

LIBEKWE EKHAYA LOKUGCINA NGESIZOTHA IKATI

LIBEKWE EKHAYA LOKUGCINA NGESIZOTHA IKATI
SIZO BLOSE

Ufihlwe ngesizotha uMnuz David Mabuza oke waba iPhini likaMengameli wezwe kanjalo nele- ANC. 
UMabuza ufihlelwe efarm lakhe eBarberton, lapho okucelwe khona ukuthi kube ngamalungu omndeni wakhe kanjalo nomengameli wezwe nephini lakhe abazohambela lolo hlelo. 

UMabuza ungcwatshwe ngokuka category 2, ngokuyalela kukaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa. 

Ethula inkulumo yakhe uRamaphosa uthe, uDD okuyindlela abebizwa ngayo, ubengayena umuntu okhuluma kakhulu kodwa ubewumuntu owenzayo. Uthe izikhathi eziningi ubenza isiqiniseko sokuthi uyabonisana naye ngaphambi kokuthatha isinqumo. "Siphathane kahle noDD, ikati, kuleminyaka emihlanu sisebenza naye. Ngimthintile ngocingo ezinsukwini ngifuna umbono wakhe ngeNational Dialogue nathe uyayeseka kakhulu," kuchaza uRamaphosa.

Uthe bazomkhumbula kakhulu ngemizamo yakhe yokuhlanganisa inhlangano.

Usomabhizinisi odumile uRobert Gumede obengumngani omkhulu kaDD, uthe uyezwa abantu bekhuluma ngo 2017.

 "Engingakusho ukuthi uDD wayekwazi ukuthatha isinqumo futhi ame kusona, okwenzeka ngo 2017, uDD wayekade asithatha isinqumo," kulandisa uGumede.
UDD uke waba uthisha isikhathi eside, efundisa izibalo.
UMengameli akabange esaluqedela uhlelo kodwa ucele Paul Mashatile oyiphini lakhe ukuthi awuqedele imcimbi wokutshalwa kukaDD odlule eneminyaka engu 64 ngenxa yokugula.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose