News Avenue
News / Izindaba

KUZOQHWIZA UMENTSHISI KUVELA USIBIYA KWI AD HOC COMMITTEE NGOMSOMBULUKO

KUZOQHWIZA UMENTSHISI KUVELA USIBIYA KWI AD HOC COMMITTEE  NGOMSOMBULUKO
Kulindeleke ukuthi kuqhwize umentshisi ngoMsombuluko kwi-Ad hoc Committee njengoba kuzovela ULt Gen Shadrack Sibiya oyiphini likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke.

Kuyinto eyaziwa inoma ngubani ukuthi ubufakazi buka Sibiya buzophambana kakhulu kunalobo obethulwe nguLT General Fannie Masemola noLT Mkhwanazi obebubonakala bumcindezela uSibiya. 
Kulindeleke ukuthi uSibiya adalule amahlazo kaMkhwanazi kanjalo nakaMasemola.

Kwenzeka konke lokhu nje uSibiya usamisiwe emsebenzini kanti kade evakashelwe amaphoyisa kuleli sonto, afike athatha amafoni nezinye zezinto ezisebenza ngobuchwepheshe besimanje.

USibiya, uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe naye, uSenzo Mchunu, uNkabinde oyi Chief of Staff wamaphoyisa babonakala besohlangothini olulodwa bese kuthi uMasemola noMkhwanazi noGeneral Khumalo nabo basohlangothini oluthi aluhambisane, uma ulandela ubufakazi.

Omunye obhekwe ngabomvu kuleli komidi nakuMadlanga Commission, uBrian Mogotsi naye uzokube ephikisana nokushiwo uMkhwanazi.

IMadlanga Commission ithe ukuhlaba ikhefu ngeviki eledlule ngemuva kokuthi uGeneral Khumalo weCrime Intelligence avele waxinwa ukugula. Izoqhubeka ngoMsombuluko akukacaci ukuthi ubani ozokwethula ubufakazi ngenkohlakalo eyenzeka wmaphoyiseni.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose