News Avenue
News / Izindaba

KUZOHLONISHWA UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE

KUZOHLONISHWA UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE
LINDOKUHLE NGCOBO 

LIZOPHENDULWA indawo yokuheha izivakashi iliba likaMntwana wakwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, owabamba iqhaza kuhulumeni naseBukhosini boMdabu ngesikhathi enguNdunankulu wesizwe sakwaZulu. UButhelezi udlule emhlabeni ngomhlaka 9 September 2023.

Lokhu kumenyezelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli namuhla kwiMbizo yokulwa nobugebengu eGlebelands Hostel, eMlaza.

UNtuli udalule ukuthi iliba likaButhelezi lizophendulwa ifa lamagugu namasiko. Wathi le ndawo izovulwa ngokusemthethweni uhulumeni waseKZN ngomhlaka 27 August KwaPhingangene, Olundi okuwusuku lukaButhelezi lokuzalwa.

"Njengoba sahlonipha iliba leqhawe Inkosi u-Albert Luthuli, kanjalo nelika lowo owayenguMengameli kuleli uDkt Nelson Mandela nakuMntwana wakwaPhindangene sizokwenza njalo. Lana eMlaza ninomlando omkhulu ngaye(uMntwana wakwaPhindangene)," kusho uNtuli.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose