News Avenue
News / Izindaba

KUZOFUNDISWA INTSHA NGOMLANDO WESINTU KWAMAPHUMULO

KUZOFUNDISWA INTSHA NGOMLANDO WESINTU KWAMAPHUMULO
 

IZOBUNGAZWA ngelinye igiya inyanga yamasiko endaweni yaKwaMaphumulo, enyakatho neKwaZulu-Natal. Njengoba kuzoba nomcimbi wezinsuku ezintathu wokufundisa kabanzi abantu abasha ngamasiko nangomlando wesintu. 

Lo mcimbi obizwa ngokuthi iYouth to Celebrate Heritage and African New Year, uzokuba ngomhlaka 19 kuya ku-21 September 2025 KwaMbonambi Hall, eMaMbedwini. Lo mcimbi uhlelwe uSabelo Ndimande wenhlangano Isabelo Sempumelelo Foundation ngokubambisane  nenhlangano i-Institute of Africology.

"Ukuze uqhubekele phambili ngempilo kumele wazi lapho osuka khona. Indawo yaKwaMaphumulo inomlando onothile esizweni njengoba iSilo uShaka kaSenzangakhona sasihlala lapha," kubeka uNdimande ongowokudabuka KwaMaphumulo.

Eqhuba uNdimande uthe kulo mcimbi kumenywa intsha ephakathi kweminyaka engu-16 kuya kwengu-35.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose