News Avenue
News / Izindaba

KUZOCACA KUSASA NGOMGCAGCO WESILO NOMAMYENI

KUZOCACA KUSASA NGOMGCAGCO WESILO NOMAMYENI

KULINDELEKE ukuthi kucace kusasa ngoLwesihlanu ngomgcagco weNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini noNksz uNomzamo Myeni.

Ngokusho kukaMaMyeni esitatimendeni esikhishwe inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iSizowakha okaZulu Foundation, uthi uyaqhubeka umgcagco wakhe noBayede . Waveza ukuthi kusasa kuzoba noMkhehlo eJozini  Stadium,  eJozini  ngehora lesi-10 ekuseni. 

Wathi udwendwe luzoba ngeSonto esigodlweni KwaKhangelamankengane, KwaNongoma.

Lolu dwendwe lumenyezelwe esizweni nguMntwana uGobizizwe Zulu ongumkhongi omkhulu. Nakuba kunjalo, Okhulumela iSilo neNdlunkulu kaZulu uMntwana uThulani Zulu waseZibindini uthi nguyena kuphela owathulwa iMbube ukuthi  akhukumele iSilo neNdlunkulu kaZulu, akekho omunye osaphakanyisiwe.

"Konke okuqhamuka eNdlunkulu noma kwiNdlulamithi imina kuphela onelungelo lokukwethula esizweni," kubeka uMntwana uThulani. 

Lokhu kushiye isizwe sididekile njengoba namanje uMntwana uThulani engayikhulumi eyokugcagcelwa kweNgonyama.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose