KUZOBA NZIMA KAKHULU KWI VOTE OF NO CONFIDENCE
USolwazi Mngomezulu uthe inzima kakhulu lento ezokwenzeka ngesonto elizayo.
Uthe uma kungukuthi i-EFF iyangena yeseka iMKP, kanti neNFP iyakwazi ukuxoxisana noMEC Mbali Shinga ukuthi avote neMKP kanjalo ne- EFF, lokhu kobe kusho ukuthi, kuzoba u40 ngapha nangapha.
IMKP njengamanje inezihlalo ezingu 37 uma ijoyinwa i-EFF nezingu 2 zizoba u39 uma uShinga engena nele NFP elilodwa zizoba ngu-40 okuzobe kusho ukuthi sebeyalingana ne DA, IFP ne-ANC. Akwaziwa ukuthi ukuthi kuzobe sekwenzakalani ngemuva kwalokho.
Kuphinda kuvele ukuthi ngeke uwathembe amanye amalungu e-ANC anganeme ngeGPU. Ikakhulukazi uma kuzoba yivoti eliyimfihlo.