News Avenue
News / Izindaba

KUYAQHUBEKA UKULUNGISWA KWENGQALASIZINDA YAMAMZI ETHEKWINI

KUYAQHUBEKA UKULUNGISWA KWENGQALASIZINDA YAMAMZI  ETHEKWINI
UYAQHUBEKA umshikashika wokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi kuMasipala waseThekwini. Kubalwa ukushintshwa kwamapayipi amakhulu asenyakatho naseningizimu yeTheku. 

Lokhu kuvezwe uSihlalo wekomiti lokuhweba kuMasipala weTheku uKhansela Mduduzi Nkosi namuhla, emcimbini iCommunity Engagement Outreach Event, emahhovisi woMnyango wezaManzi neNhlanzeko eThekwini. 

Ekhuluma uNkosi udalule ukuthi eminyakeni edlule uMnyango wezaManzi neNhlanzeko eThekwini ubudonsa kanzima. Ebalisa ngokuthi lo Mnyango ubushoda ngabatshali zimali, ukubhekana nokucekeleka phansi kwengqalasizinda ngenxa yezikhukhula nokukhula kwesidingo samanzi.

"Saqala umsebenzi  wokwakhiwa kwepayipi elikhulu laseningizimu yeTheku. Lo msebenzi ka-R1.2 billion oqhubekayo, uma usuphelile uzolekelela ukuthi abantu baseMlaza, Chatswort, Folweni, Shallcross Nsimbini nakwaMakhutha bakwazi ukuthola amanzi ngendlela efanele," kuchaza uNkosi.

Kuphinde kwavela ukuthi kukhona omunye umsebenzi oqhubekayo enyakatho neTheku. Lapho kwakhiwa kabusha  iNtuzuma Pumpstation 2 ne-Ogunjini Water Treatment.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose