News Avenue
News / Izindaba

KUYAQHUBEKA UKULUNGISWA KWENDAWO YOKUBHUKUDA ETHEKWINI

KUYAQHUBEKA UKULUNGISWA KWENDAWO YOKUBHUKUDA ETHEKWINI

LINDOKUHLE NGCOBO 

UYAQHUBEKA umsebenzi wokulungisa kabusha kwendawo yokubhukuda, iKings Park Swimming Pool, eThekwini. Lokhu kuhlale obala ngesikhathi kunohambo lwabezindaba kule ndawo izolo. 

Uhlelo lokuvuselela le ndawo esezingeni lo mhlaba, libekelwe imali engu-R42 million. 

Obambe njengoMqondisi kuMnyango wezokuNgcebeleka  namaPaki kuMasipala weTheku, uDkt uZakhi Mkhize uthe le ndawo ifakwe ngaphansi kohlelo lokulungiswa ngokushesha ngemuva kokupheshukelwa uphahla ngoMay. Wathi lokho bekungabeka izimpilo zabantu engcupheni nokulimala kwengqalasizinda engaphakathi.

"Umsebenzi esiwenzile ubumayelana nokubuyisela uphahla, saphinda senza isipilingi. Lapho besikhipha amanzi angena kukhonkolo, sesiyawuqeda lo msebenzi obuphuthuma kodwa umsebenzi awumile ngoba vele indawo kumele igcine iphelele. Kufuneka sinake nezinye izinto ebezingeke zibulale abantu  kodwa ezizokwenza ukuthi indawo yokubhukuda iqhubeke nokusebenza kahle," kuchaza uDkt Mkhize.

 Uveza ukuthi  isigaba esilandelayo sizogxila ekuthuthukiseni le ndawo  ukuze iqhubeke nokuba sezingeni lo mhlaba. Kulindeleke ukuthi lo msebenzi uphothulwe ngoJuly 2026.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose