News Avenue
News / Izindaba

KUYABASHUBELA OMCHUNU noCEL3

KUYABASHUBELA OMCHUNU noCEL3


SIZO BLOSE

UNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula usephumele obala ngokumbandakanye kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu nowayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ekusebenzisaneni  noVusi "Cat" Matlala othinteka ezenzweni zobugebengu.

Ekhuluma nabezindaba emzini kaMabuza oseMpumalanga, uMbalula uthe, lamalungu abo kuzomele avele kwi-Integrity Commission azoziphendulela.

 "Okuhle ukuthi usendleleni ebuyayo nomengameli wezwe,  futhi uthembisile ukulisingathi lolu daba," kusho uMbalula egcizelela ekutheni i-ANC beyingakohlangani ukuthi idingide lolu daba. Uthembise ukuthi izohlangana maduze futhi akukho abangeke bakuxoxe okumayelana nalolu daba.

UCele ungena kulolu daba nje iNews 24 ithole ukuthi yena ubehlala kwenye yezindlu zikanokusho zaCat Matlaba, osejele nokulindeleke ukuthi avele enkantolo kulelisonto. Ekhuluma esithangabini nabezindaba uKhomishina wamaPhoyisa eKZN, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe kunosomabhizini abadila nezidakamizwa abasebenzisana nezikhulu eziphezulu kuhulumeni nasemaphoyiseni.

 Uthe uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMchunu unokuxhumana noMatlala. Kanti uMchunu usanda kukuphika ukuthi uyazana noMatlala.
UCele ngokweNews 24, kuvela ukuthi uvumile ukuthi ubehlala emzini kaCat Matlala
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose