News Avenue
News / Izindaba

KUXABENE UBENDLE KWIQEMBU IMKP

KUXABENE UBENDLE KWIQEMBU IMKP
LINDOKUHLE NGCOBO 

Kuxabane ubendle eqenjini iMK Party eThekwini, kulandela ukukhala kwamalungu ngomkhonyovu okusolakala ukuthi wenziwa ngesikhathi kuqokwa abazomela leli qembu ezikhundleni zobukhansela. Lokhu kuvele obala ngesikhathi amalungu e-MK Party ebhikisha ngaphandle kwamahhovisi esifunda saseThekwini namhlanje.

Omunye wabafuna izimpendulo, uMnuz Sithembiso Mlungwana waseThekwini ku-Wadi 101, utshele i-News Avenue ukuthi unqobe ngamavoti angu-395 ukuba amele leli qembu.

"Umuntu owayengilandela wathola amavoti angu-36. Inqubo elandelwayo kuMkhonto weSizwe wukuthi kuthathwa umuntu oyedwa onqobile kuleyo wadi. Ngizilandele zonke izindlela nemigudu ngesikhathi ngihlolwa ubuholi besifundazwe, ngaphinde ngahlolwa nawubuholi bukazwelonke. Kuthe ngosuku lokukhishwa kwamagama, sathola ukuthi amagama esiwahambisile ashintshiwe, kwafakwa amagama abantu ababephume isibili," kusho uMlungwana.

Owayengumholi we-MK Party ku-Wadi 42 eThekwini, uMnuz Thamsanqa Ntshangase, naye ukhala ngomkhonyovu owenzeke kule wadi ngesikhathi kukhethwa ozomela leli qembu esikhundleni sokuba ikhansela.

"Ngomhlaka 11 July 2026, sibenohlelo lokukhetha abazosimela okhethweni lohulumeni basekhaya. Kwakhethwa amagama abantu abathathu okunguSikhumbuzo Sibisi, uNjabulo Ndaba, noNkosinathi Nhlawulana. Kuthe uma sekuphuma imiphumela, uSibisi wathola amavoti angu-375, uNhlawulana wathola angu-284, kwathi uNdaba wathola angu-211. Kuthe uma kubuya amagama abhaliswe kwi-IEC, obengunombolo-2 ubuye esengunombolo-1, okuyinto esimangazayo ukuthi kwenzeke kanjani," kusho uNtshangase.

Ephawula ngalolu daba, uNobhala Jikelele we-MK Party, uMnuz Kuxabane ubendle eqenjini iMK Party eThekwini, kulandela ukukhala kwamalungu ngomkhonyovu okusolakala ukuthi wenziwa ngesikhathi kuqokwa abazomela leli qembu ezikhundleni zobukhansela. Lokhu kuvele obala ngesikhathi amalungu e-MK Party ebhikisha ngaphandle kwamahhovisi esifunda saseThekwini namhlanje.

Omunye wabafuna izimpendulo, uMnuz Sithembiso Mlungwana waseThekwini ku-Wadi 101, utshele i-News Avenue ukuthi unqobe ngamavoti angu-395 ukuba amele leli qembu.

"Umuntu owayengilandela wathola amavoti angu-36. Inqubo elandelwayo kuMkhonto weSizwe wukuthi kuthathwa umuntu oyedwa onqobile kuleyo wadi. Ngizilandele zonke izindlela nemigudu ngesikhathi ngihlolwa ubuholi besifundazwe, ngaphinde ngahlolwa nawubuholi bukazwelonke. Kuthe ngosuku lokukhishwa kwamagama, sathola ukuthi amagama esiwahambisile ashintshiwe, kwafakwa amagama abantu ababephume isibili," kusho uMlungwana.

Owayengumholi we-MK Party ku-Wadi 42 eThekwini, uMnuz Thamsanqa Ntshangase, naye ukhala ngomkhonyovu owenzeke kule wadi ngesikhathi kukhethwa ozomela leli qembu esikhundleni sokuba ikhansela.

"Ngomhlaka 11 July 2026, sibenohlelo lokukhetha abazosimela okhethweni lohulumeni basekhaya. Kwakhethwa amagama abantu abathathu okunguSikhumbuzo Sibisi, uNjabulo Ndaba, noNkosinathi Nhlawulana. Kuthe uma sekuphuma imiphumela, uSibisi wathola amavoti angu-375, uNhlawulana wathola angu-284, kwathi uNdaba wathola angu-211. Kuthe uma kubuya amagama abhaliswe kwi-IEC, obengunombolo-2 ubuye esengunombolo-1, okuyinto esimangazayo ukuthi kwenzeke kanjani," kusho uNtshangase.

Ephawula ngalolu daba, uNobhala Jikelele we-MK Party, uMnuz Sibonelo Nomvala, uthe njengobuholi obuphezulu bahlangane eMhlanga ukuzoqoqa lonke ulwazi ukuze baqonde kahle ukuthi kwenzekeni ngohlu lwamagama.

"Namhlanje sibize abebehlela imihlangano emawadini ukuzothola kubona ukuthi ngesikhathi kubhekwa amagama kwahamba kanjani. Ulwazi esinalo njengamanje siluthole esifundazweni, ngakho sifuna ukuhlolisisa ukuze singabi nolwazi olungaphelele." kubeka uNomvalo.
 Nomvala, uthe njengobuholi obuphezulu bahlangane eMhlanga ukuzoqoqa lonke ulwazi ukuze baqonde kahle ukuthi kwenzekeni ngohlu lwamagama.

"Namhlanje sibize abebehlela imihlangano emawadini ukuzothola kubona ukuthi ngesikhathi kubhekwa amagama kwahamba kanjani. Ulwazi esinalo njengamanje siluthole esifundazweni, ngakho sifuna ukuhlolisisa ukuze singabi nolwazi olungaphelele." kubeka uNomvalo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose